Peshawar – Amasosha asePakistan asekwazile ukuthola isifundiswa esiqavile ebesithunjwe yiqembu leTaliban iminyaka emine enyakatho-ntshonalanga yezwe, kusho izikhulu ngoLwesihlanu.
Iqembu lamaphekula ePakistan, iTaliban, lathumba u-Ajmal Khan, oyiphini likashansela wase-Islamia College University Peshawar, ngoSepthemba 2010 esifundazweni esikhungethwe yizinkinga saseKhyber Pakhtunkhwa.
Isikhulu sezokuphepha ePeshawar sitshele abe-AFP ukuthi uKhan utholakale endaweni abebesebenzela kuyona eNorth Waziristan".
Kusukela ngoJuni amasosha asePakistan abegasela ezindaweni okuhlala kuzona kakhulu abeqembu leTaliban eNorth Waziristan.
Esitatimendeni, amasosha asePakistan athe akwazile ukuthola u-Ajmal Khan, kodwa awanabanga ngeminingwane yokuthi bamthole kanjani.
– "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.