Malin – Abatakuli sebezwakalise ukuthi alisekho ithemba lokuthola abantu besaphila njengoba kusaqhubeka ukuthungatha nangoLwesihlanu kulandela ukuguguleka kwenhlabathi okudalwe yizimvula eNdiya.
Balinganiselwa kwabangu-150 okungenzeka ukuba bashonile kulesi sehlakalo.
Kuze kube manje kusakhishwe isidumbu esingu-50 kanye nabangu-8 abatholakale bephila endaweni yesehlakalo ngasesifundeni saseMaharashtra.
Kodwa izimvula eziqhubekayo kanye nemimoya enamandla kulokhu kuphazamise njalo imizamo yokutakula abanye abantu.
Udaka lumanzi lapho kuvaleleke khona abantu, awungeni umoya, nokwenza kubenzima ukuba baphefumule.
Uma
kungenzeka sithole abanye besaphila, kuyobe kuyinhlanhla enkulu, kusho uGanesh
Pawar, okhulumela abezimpilo, etshela abe-AFP.
– "Like"
ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.