Izithombe zikamabonakude zitshengisa abosizo lokuqala behlahlela ushemula ukuze bafinyelele kulo wesifazane obebhajwe phakathi nawo, kubika i-KTLA.
Owesilisa “obelandelwa” uthi wahlangana nalo wesifazane ku-internet base bezikhipha izikhawu ezimbalwa.
"Wayengumuntu ohehayo. Waqala ukungithusa ngesikhathi ngimthola ophahleni lwendlu yami emasontweni amabili edlule,” kusho lo wesilisa ongathandanga ukukhipha igama lakhe.
OLUNYE UDABA: Owesifazane uvume elokubulala isoka lakhe
“Ngifisa sengathi angathola usizo.”
Umakhelwane wakulo muzi oseThousand Oaks, eLos Angeles, uchaze indlela izicishamlilo ezizame ngayo ukutakula owesifazane obekhihla isililo selizothambama ngoMsombuluko.
Owesifazane kuthiwe unguGenoveva Nunez-Figueroa, 30.
UCaptain Mike Lindbery wezicishamlilo uthe kudingeke ukuthi bagcone ushemula ngensipho yezitsha ukuze bezokwazi ukukhipha uNunez-Figueroa.
- “Like”
ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho