Washington - Owesifazane ukhohlwe nya ngoNkulunkulu wabonga abakwaHonda ngesikhathi indoda yakhe isinda engozini yomgwaqo, imoto yayo ishayisana neloli.
“Ngithanda ukubonga onjiniyela abasebenzisa ubuchwepheshe benza imoto yaba ngephephile," kubhala uLynn Beisner, ekhasini lakhe leFacebook.
Ngokusho kwabezindaba zeWashington Post uBeisner akashongo nolu nci ngoNkulunkulu.
“Sengike ngaqaphela okuthile uma kwenzeka isehlakalo, abantu babonga uNkulunkulu bese kuphela kanjalo. Bayakhohlwa ukuncoma abantu abasuke benze okuthile ukuzama ukugwema isehlakalo," kucashunwa uBeisner.
Imvama ubonga bani wena uma usinde esehlakalweni? Khuluma nathi ku-isizulu@news24.com
– "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.