Buzau – Owesilisa owayeyisosha ubopha isibhedlela saseRomania ngemuva kokuba eyekohlinzwa izinso waphuma umphambili wakhe usinamathiseleke ngenye indlela ngokusho kombiko.
Ngokubika kweDaily Mail uCostica Maroleanu waya esibhedlela iCopunty edolobheni iBuzau empumalanga yeRomania enenkinga yokuhluleka kokusebenza kwezinso zakhe.
Kubikwa ukuthi uhlelo lokuhlinzwa kwezinso zakhe kwahamba kwahle kodwa abahlengikazi bathi sebuyisela isitho sakhe sangaphambili basixhuma ngenye indlela nokwenza ukuthi abe nenkinga emankwahleni akhe.