London – Owesilisa waseBrithani obesekuphele iminyaka efunwa uthuli
ngamaphoyisa ase-UK ubanjwe esenyakatho yempumalanga yeThailand ngokusho
kweziphathimandla.
“Uthweswe amacala ahlukene okungaziphathi kahle ngamaphoyisa
aseBrithani.
Esewonke amacala athweswe wona angu-12 kanti phakathi kwawo
kubalwa nawokunukubeza izingane ezingaphansi kweminyaka engu-14 ubudala,” kusho
uPariwat Satchphan oyisikhulu samaphoyisa esifundazweni saseNongkhai eThailand
ngoLwesithathu.
OLUNYE UDABA: Kwenyukile ukudlwengula eBrithani
UPariwat uthe lo mlisa oneminyaka engu-61 ubudala uboshwe
esesikoleni ngoLwesithathu nakuba kungacacanga ukuthi ubesebenza njengithisha
kulesi sikole noma ubezokwenzani.
“Amaphoyisa aseBrithani akhipha umyalelo
wokuthi simbophe lo mlisa,’ esho.
Kubikwa ukuthi lo mlisa uzoyiswa eBangkok
lapho ezovela phambi kwenkantolo ezobe isithatha isinqumo sokuthi uzobuyiselwa
yini eBrithani noma cha.
- “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho