Florida – Kuboshwe umshayeli webhasi ozame ukuthenga umqwayizi ngesikhathi
somsebenzi eFlorida e-United States of America.
Umbiko we-Timeslive uveze ukuthi ngokusho kombiko we-Huffington
Post uRodriegue Macharie uboshwe ngoLwesine eSarasota Country ngesikhathi ezama
ukuthenga umqwayizi obeyiphoyisa elizifihlile.
Kubikwa ukuthi leli phoyisa
belizenza umqwayizi ngenhloso yokubamba izigilamkhuba ezisebenzisana
nabaqwayizi.
OLUNYE UDABA: Unyamanambana umqwayizi onamakhasimende amaningi
“Kuke kwaba nokungabaza ngesikhathi ibhasi ima lapho leli phoyisa
beliqhuba khona lolu phenyo lwalo,” kusho uSgt. Demetri Konstantopouls
okhulumela amaphoyisa aseSarasota.
Kuthiwa uMacharie ukhokhele lo ‘mqwayizi’
u$20 ngenhloso yokumthokozisa ngokocansi.
Umbiko uthi ngemuva kwalokhu uMacharie
ube eseboshwa wathweswa icala lokuzama ukuthenga umqwayizi.
Kubikwa ukuthi uMacharie
umisiwe emsebenzini njengoba kusaqhubeka uphenyo.
- “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho