isiZulu

Udlame lubulale inqwaba e-Iraq

2012-06-22 14:41
Baghdad - Udlame e-Iraq lubulale okungenani abantu abangu-12 kwathi inqwaba yalimala ngoLwesihlanu, kusho abezokuvikela nabasebenzi bezempilo, odlameni lwakamuva oluhaqe leliya lizwe.

Ekuseni kuqhume ibhomu ebelitshalwe eduzane nomgwaqo emakethe enkulu e-Al-Husseiniyah, kwathi elinye laqhuma emuva kokutheleka kwabezimo eziphuthumayo, kusho uMnyango wezangaPhakathi.

Umthombo wezempilo esibhedlela iSheikh al-Dhari uthe bathole izidumbu eziyisishiyagalombili nabantu abangaphezu kuka-50 abalimale kulokhu kuqhuma.

UMnyango wona uthi bangu-13 abashonile kwathi abalimele babalelwa ku-150.


 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter

Sapa - AFP
«Emuva
Ad: Get R40,000 Sanlam Funeral Cover