Prague -Owesifazane waseCzech Republic ugixabezwe iminyaka engu-24 ebhadla ejele ngamacala okubulala izingane zakhe ezincane ezintathu, ngokusho kweziphathimandla.
USimona Tesarova okhulumela inkantolo yesiFunda yasedolobheni iBrno uthe u-Anna Dusikova oneminyaka engu-25 ubudala ulahlwe amacala okubulala izingane zakhe zisanda kuzalwa, eyodwa yentombazane ngo-2012, nezabafana ngo-2013 no-2015.
Amaphoyisa alunywe indlebe yizisebenzi zezempilo ngalona wesifazane.
OLUNYE UDABA: Izithandani zithi i-viagra yasindisa impilo yengane yazo
Kubiwa ukuthi abakwaSidlodlo bagasele emzini wesoka lakhe eningizimu yendawo iDolni Dunajovice ngoFebruwari afika athola isidumbu sosana lo mfana olwalusanda kuzalwa nezinye izidumo zezingane ezimbuli.
UDusikova kubikwa ukuthi uwavumile amacala okubulala kodwa kuvela ukuthi usengalidlulisela phambili leli cala.
- "Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho
- Landela IzindabaNews24 kuTwitter