Columbia - Owesifazane waseMelika ugwetshwe udilikajele ngemuva kokuqasha ibhungu ukuba libulale umyeni wakhe, kanti lizobulala umuntu okungeyena.
Ijaji ligwebe uKarlita Desean Phillips ngemuva kokutholakala enecala lokuba ngungqondongqondo ecaleni lokubulala.
Izikhulu zithi uPhillips, 41, waqasha inkabi, 17, ukuba ibulale umyeni wakhe ayengasahlali naye ngo-2013 kanti le ngane izobulala umfowabo kamyeni ngephutha.
OLUNYE UDABA: Ugwetshiwe 'owazibulala' efuna eyomshwalense
Umufi wabulawa ethi uvula umnyango ungena kwakhe, kusho abaphenyi.
Kuthiwa uPhillips wenza lokhu ngoba efuna kuvuthwe izimali zomshwalense wendoda yakhe.
Kuthiwa lo mshwalense wawuzokhokhela uPhilipps u-$500 000 uma umyeni wakhe edlula emhlabeni.
Kuphinde kwavela nokuthi lo wesifazane waphinde wathathela umyeni wakhe omunye umshwalense ka-$25 000.