Cape Town – Owesilisa waKwazulu-Natal unikezwe iminyaka engu-10 ebhadla ejele ngokudlwengula umzala wakhe, kusho amaphoyisa alesi sifundazwe ngoMgqibelo.
Le ndoda, 37, wakwaCeza wangena egumbini lale ntombazane ngoMashi nonyaka yabuza ukuthi ingenzanjani uma engase aayidlwengule, kusho owamaphoyisa uMajor Thulani Zwane.
“Isisulu saphendula ngokuthi uzomemeza uma engasidlwengula. Ummangalelwa wabe esesabisa le ntombazane ngokuyilimaza ayibhangqe nengane yakhe uma eke wathi nkente.
"Wabe esedlwengula umzala wakhe ngenkani."
Zabe seziyamkhalela ngemuva kokuthi kubikwe ngalesi sigameko emaphoyiseni.
Le ndoda ibe isigwetshwa eNkantolo yeMantshi yasoLundi ngoLwesihlanu.