Melbourne – Ugwetshwe iminyaka eyisithupha ebhadla ejele owesifazane obezitika ngocansi waze wakhulelwa nomfana oneminyaka engu-12 ubudala eMelbourne e-Australia.
Lona wesifazane onezingane ezintathu ubudala wayeneminyaka engu-36 ubudala ngesikhathi eqala ukwenza ucansi nalo mfana ngo-2011 njengoba ayejwayele ukumhambisa esikoleni nendodakazi yakhe.
Lona wesifazane wabikela iNkantolo yaseVictoria County ukuthi wazizwa evukelwa yimizwa yothando nalo mfana wabe eseqala ubudlelwano naye njengoba baqala ukwenza ucansi besenzisa amakhondomu.
Iphephandaba iMelbourne Age libike ukuthi lona wesifazane wazika ngocansi nalo mfana iminyaka emibili njengoba waze wabeletha ngonyaka owesidlule ngoMeyi ngesikhathi lo mfana eseniminyaka engu-14.
OLUNYE UDABA:Ugwetshiwe 'owabulalisa umyeni' efuna eyomshwalense
Ngesikhathi abazali balo mfana bethola ngalolu daba bambuza lona wesifazane babe sebebilela amaphoyisa.
Kwenziwa ilibofuzo enganeni kwatholakala ukuthi nebala lo mfana unguyise wengane yalona wesifazane.
“Wahluleka ukubona ukuthi imizwa yakho yalo mfana yabe ingalungile,” kusho iJaji Jane Patrick ngesikhathi likhipha isigwebo.
“Waqhubeka waba nobudlelwano bezocansi nengane engaphansi kweminyaka.”
Lona wesifazane elingeke lidalulwe igama lakhe ukuvikela isisulu ugwetshwe iminyaka eyisithupha ngemuva kokuba ezivumele yena enkantolo ukuthi ubezitika ngokocansi nengane engaphansi kweminyaka engu-16.
Kubika ukuthi iJaji lithe kumele ahlale iminyaka emithathu nezinyanga eziyisthupha ezikhindini.
- “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho