Share

Ugwetshiwe oze wakhulelwa ezitika ngocansi nomfana,12

Melbourne – Ugwetshwe iminyaka eyisithupha ebhadla ejele owesifazane obezitika ngocansi waze wakhulelwa nomfana oneminyaka engu-12 ubudala eMelbourne e-Australia.  

Lona wesifazane onezingane ezintathu ubudala wayeneminyaka engu-36 ubudala ngesikhathi eqala ukwenza ucansi nalo mfana ngo-2011 njengoba ayejwayele ukumhambisa esikoleni nendodakazi yakhe.

Lona wesifazane wabikela iNkantolo yaseVictoria County ukuthi wazizwa evukelwa yimizwa yothando nalo mfana wabe eseqala ubudlelwano naye njengoba baqala ukwenza ucansi besenzisa amakhondomu.  

Iphephandaba iMelbourne Age libike ukuthi lona wesifazane wazika ngocansi nalo mfana iminyaka emibili njengoba waze wabeletha ngonyaka owesidlule ngoMeyi ngesikhathi lo mfana eseniminyaka engu-14.

OLUNYE UDABA:Ugwetshiwe 'owabulalisa umyeni' efuna eyomshwalense

Ngesikhathi abazali balo mfana bethola ngalolu daba bambuza lona wesifazane babe sebebilela amaphoyisa.

Kwenziwa ilibofuzo enganeni kwatholakala ukuthi nebala lo mfana unguyise wengane yalona wesifazane.

“Wahluleka ukubona ukuthi imizwa yakho yalo mfana yabe ingalungile,” kusho iJaji Jane Patrick ngesikhathi likhipha isigwebo.

“Waqhubeka waba nobudlelwano bezocansi nengane engaphansi kweminyaka.”

Lona wesifazane elingeke lidalulwe igama lakhe ukuvikela isisulu ugwetshwe iminyaka eyisithupha ngemuva kokuba ezivumele yena enkantolo ukuthi ubezitika ngokocansi nengane engaphansi kweminyaka engu-16.

Kubika ukuthi iJaji lithe kumele ahlale iminyaka emithathu nezinyanga eziyisthupha ezikhindini.

       - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho

 

          - Landela IzindabaNews24 kuTwitter

We live in a world where facts and fiction get blurred
Who we choose to trust can have a profound impact on our lives. Join thousands of devoted South Africans who look to News24 to bring them news they can trust every day. As we celebrate 25 years, become a News24 subscriber as we strive to keep you informed, inspired and empowered.
Join News24 today
heading
description
username
Show Comments ()
Voting Booth
Do airplane mishaps have any effect on which airline you book your flights with?
Please select an option Oops! Something went wrong, please try again later.
Results
No, these things happen. I pick based on price
49% - 805 votes
Yes, my safety matters. I don't take any chances
51% - 852 votes
Vote
Rand - Dollar
19.14
-0.2%
Rand - Pound
23.79
+0.0%
Rand - Euro
20.46
-0.0%
Rand - Aus dollar
12.45
-0.4%
Rand - Yen
0.12
-0.1%
Platinum
923.10
+0.3%
Palladium
1,021.50
-0.4%
Gold
2,314.14
-0.3%
Silver
27.10
-0.8%
Brent Crude
88.42
+1.6%
Top 40
68,470
+0.6%
All Share
74,456
+0.6%
Resource 10
59,779
+0.3%
Industrial 25
103,994
+1.2%
Financial 15
15,918
+0.1%
All JSE data delayed by at least 15 minutes Iress logo
Editorial feedback and complaints

Contact the public editor with feedback for our journalists, complaints, queries or suggestions about articles on News24.

LEARN MORE