Abazibonele bathi uFryberg ugibele phezu kwetafula enkantini wangqokloza abangani bakhe ngesibhamu, kwashona oyedwa.
Ube esezidubula naye washonela endaweni yesigameko ngoLwesihlanu.
OLUNYE UDABA: Uzishumpule ubuntu owaliwe yintombi
Abefunda nabo nomndeni batshele iThe Telegraph ukuthi uFryberg ubecikwe ukulaxazwa yintombi yakhe.
“Ubephethwe yinhliziyo ebuhlungu ngemuva kokuhlukana nentombi yakhe. Ubengeyona ingane ehluphayo, wenze iphutha,” kusho umzala wakhe uHeaven Arbuckle, 16.
Abalimele kulesi sigameko basesibhedlela.
- “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho