Darjeeling - Abatakuli basaqhubeka nokumba imfucuza bethungatha abasindile esigamekweni sokubihlika komhlaba esisuswe yizimvula ezinkulu eDarjeeling, kusho amaphoyisa ngoLwesithathu.
Kusolakala ukuthi basebaningi abambozeleke ngaphansi kwemfucuza enodaka.
Ojibha bathutha bephindelela udaka bezama ukuthola abantu okungenzeka ukuthi basindile.
OLUNYE UDABA: Ukubihlika komhlaba kubulale 17 e-Indonesia
Abanye abatakuli bamba ngezandla uqobo, kusho umthwebuli we-AFP osendaweni yesigameko.
Ukubihlika komhlaba kubhidlize izindlu eKalimpong naseDarjeeling, kwadaleka omkhulu omonakalo.
“Okwamanje kusatholakale izidumbu ezingu-30," kusho okhulumela amaphoyisa u-Amit P Javalgi.