Dakar – Kuthathe isikhathi esingaphansi komzuzu ukuthi amajaji eSenegal agwebe amadoda ayisithupha ngemuva kokulahlwa amacala obutabane.
Izishoshovu zithi ukuboshwa kwezitabane kuzobhebhethekisa ukusabalala kwe-HIV.
OLUNYE UDABA: Zihlukanisile izitabane zodumo lomshado wesintu
ISenegal, eyizwe elibuswa ngenkolo yamaSulumane kanti lingelinye labukelwa kulo ngentando yeningi e-Afrika.
Leli lizwe liphakathi kwamazwe abalelwa ku-30 e-Afrika aphasisa umthetho wokuthi iyicala indaba yobutabane.
Izishoshovu zithi ukufakwa ejele kwezitabane kungase kwenze impi yokulwisana nalo bhubhane ibe yinde.
La madoda aboshwa ngemuva kokuthi kutholakale amakhondomu nezinto zokuzithokozisa ngokocansi endlini aboshelwa kuyo.