Berlin – Kuyiqiniso elingeke liphikwe ukuthi 'ukuzimeteza' kumuntu wesilisa kuyasiza ukuvimba umdlavuza wamankwahla.
Ucwaningo lwakamuva eGermany seludalule ukuthi 'ukuzimeteza' kowesilisa kukhuthaza ukusebenza kwamasosha omzimba kuyena.
Ngokombiko we-Timeslive ucwaningo olutholalakala kwi-Pubmed kuhlolwe abesilisa abangu-11 abavolontiyile 'ukuzimeteza'.
Kuthiwa laba bazimeteze baze bafika kuvuthondaba, kwathi uma beqeda bathathwa amagazi abo kwatholakala ukuthi izinga lokusebeza kwamasosha omzimba wabo lenyukile.
Kuthiwa lokhu kuchaza ukuthi amasosha omzimba ayakwazi ukulwa nemikhuhlane engase iqhamuke.
- “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho