London – Uma ucansi ulwenza kaningi, maningi amathuba okuba nasemsebenzini ugcine uhola kakhulu, ngokusho kocwaningo.
Izisebenzi ezenza ucansi kabili noma kathathu ngesonto zihola kakhulu ngo-4.5% kunalezo ezilwenza kancane.
Futhi izisebenzi ezinezinkinga zocansi kodwa zibe zilwenza zihola kakhulu ngo-1.5% kunalezo ezinezinkinga zocansi kodwa ezingalwenzi.
Funda nalolu daba: Asivaliwe eyokulala nezilwane eDenmark
Ucwaningo lwenziwe kubantu abangu-7,500 lwenziwa amanyuvesi aseGreece ngenhloso yokuthola umthelela wocansi emaholweni abantu, kubika iDaily Mail.
‘Abantu badinga ukuthanda nokuthandwa...Uma lungekho uthando, abantu bagcina benesizungu, benomzwangedwa kanye nokhwantalala – nazo zonke ezinye izinto ezingaphanzamisa indlela abasebenza ngayo.’
– "Like"
ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.