London – Uyashenxa esikhundleni sakhe lowo obehola umkhankaso wokuthiizwe laseScotland liphime ngaphansi kwe-UK lizimele gelekeqe.
Ngokusho kombiko u-Alex Salmond obenguNdunankulu waseScotland futhi engumholi weqembu lezepolitiki umemezele ukuthi uyasula ekhundleni zakhe zokuba wumholi ngemuva kokuba abantu bevotele ukuthi leli lizwe liqhubeke nokuba ngaphansi kwe-United Kingdom.
OLUNYE UDABA: Kuboshwe 3 ngokuzama ukubulala e-UK
Kubikwa ukuthi uSalmond utshele abezindaba kwingqungquthela ngoLwesihlanu ukuthi uyaziqhenya ngomkhankaso wakhe nokuthi bakhona abebeweseka okusho khona ukuthi likhona ithemba ngokuhamba kwesikhathi.
Uthe kubantu baseScotland lo mkhankaso usekude ukuphela futhi iphupho lokuthi ngelinye ilanga igcine izimele alisoze lashabalala.
NgoLwesine abantu baseScotland baphume ngobuningi ukuzozwakalisa uvo labo ngokuthi bavotele u-YES uma befuna lizimele noma bavotele u-NO uma befuna liqhubeke ngaphansi kwe-UK.
Kulokhu kuvotwa kugcine kuphumele abomkhankaso ka-NO nokuchaza ukuthi iScotland sizoqhubeka nokuba yingxenye ye-UK.
- “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho