South Maryland - Kuthiwa wayephila umfanyana owatholakala ephushwa ngumama wakhe kuzwingi ngesikhathi egibela, kusho umbiko wamaphoyisa ase-United Kingdom.
Kuthiwa le ngane yashona ngemuva kwezinsuku ezimbili isaphushwa ngumama wayo kulo mshwizo.
Ngokombiko weSkyNews, amaphoyisa abizwa ngesikhathi ilungu lomphakathi libona umama wengane uRomechia Simms, 24, ephusha isidumbu sale ngane, 3, kuzwingi epaki iLa Plata, eSouth Maryland.
OLUNYE UDABA: Udatshukelwe owabulala ingane yentombi
Uphenyo lwamaphoyisa luveze ukuthi uSimms waphusha le ngane kuzwingi amahora angu-44.
Kuthiwa ukubanda kwasebusuku kungenzeka ukuthi yikho okwaholela ekushoneni kwale ngane njengoba kuvela ukuthi yabulawa amakhaza nokushoda kwamanzi emzimbeni.
USimms kuthiwa vele uphazamisekile emqondweni.