Share

Umncintiswano "wenkomo" enhle kunazozonke emhlabeni

Los Angeles – Kusungulwe umncintiswano wesitho sangasese sowesifazane esihle kunazozonke phesheya kwezilwandle njengoba ozodla umhlanganiso ezohlabana nesamba semali elinganiselwa ku-$5000 (R62 000). 

Ngokubika kweThe Daily Beast lo mncintiswano obizwa nge-World Most Beautiful Vagina usungulwe uBrian Sloan wodumo lokwakha amathoyizi ocansi.

Kubikwa ukuthu usungule lo mncintiswano ngenxa yokuthi umatasa wakha ithoyizi lesitho sangasese sowesifazane elizosetshenziswa ngabesilisa uma bezithokozisa.

Kuvele ukuthi “inkomo” ezovotelwa kakhulu ngabantu ezinkundleni zokuxhumana uzokwakha ithoyizi elifana ncamishi nayo. 

OLUNYE UDABA: Ubizelwe amaphoyisa oshaye isoka elinqabe ucansi

USloan uthe noma ubani oseminyakeni efanele angawungenela lo mncintiswano ngokuthumela isithombe “senkomo” yakhe bese abantu beyinikeza amaphuzu kusukela ku-1 kuya ku-10.

USloan uveze ukuthi ozodla umhlanganiso ngenkomo yakhe uzophinde athole ithuba lokugitsheliswa ibhanoyi alibangise e-Los Angeles lapho ezofike aklonyeliswe khona.

Kusukela lo mncintiswano uqalile sekungene izithombe ezingaphezulu kuka-150 emazweni angaphezulu kuka-20 emhlabeni jikele.

USloan uphinde wanxusa abesifazane ukuba bazigunde izinwele zesitho sangasese. Uma ufuna ukuthumela isithombe “senkomo” yakho noma ufuna ukuvotela isitho sangasese esikuchazayo ungangena kule link The Vagina Contest nangeminye futhi imininingwane.

Isexwayiso kumele ube ngaphezulu kweminyaka engu-18 ubudala. 

      - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho

          - Landela IzindabaNews24 kuTwitter

We live in a world where facts and fiction get blurred
Who we choose to trust can have a profound impact on our lives. Join thousands of devoted South Africans who look to News24 to bring them news they can trust every day. As we celebrate 25 years, become a News24 subscriber as we strive to keep you informed, inspired and empowered.
Join News24 today
heading
description
username
Show Comments ()
Voting Booth
Can radio hosts and media personalities be apolitical?
Please select an option Oops! Something went wrong, please try again later.
Results
Yes, impartiality is key for public trust
32% - 420 votes
No, let's be real, we all have inherent biases
68% - 892 votes
Vote
Rand - Dollar
19.07
+0.5%
Rand - Pound
23.60
+1.0%
Rand - Euro
20.32
+0.3%
Rand - Aus dollar
12.24
+0.5%
Rand - Yen
0.12
+0.4%
Platinum
943.20
-0.8%
Palladium
1,035.50
+0.6%
Gold
2,388.72
+0.4%
Silver
28.63
+1.4%
Brent Crude
87.11
-0.2%
Top 40
67,314
+0.2%
All Share
73,364
+0.1%
Resource 10
63,285
-0.0%
Industrial 25
98,701
+0.3%
Financial 15
15,499
+0.1%
All JSE data delayed by at least 15 minutes Iress logo
Editorial feedback and complaints

Contact the public editor with feedback for our journalists, complaints, queries or suggestions about articles on News24.

LEARN MORE