Moneta - Umndeni kashayasibhamu odubule wabulala intatheli nomthwebuli wezithombe bukhoma kumabonakude, usukhalisane nemindeni yabashonile.
Lesi sitatimende esiphuma emndenini kaVester Lee Flanagan II, obezibiza ngoBryce Williams emoyeni, sifundwe eziteshini zikamonakude ezehlukene.
UFlanagan ubulale intatheli u-Alison Parker nomthwebuli wezithombe u-Adam Ward ngoLwesithathu ekuseni.
OLUNYE UDABA: Ushayasibhamu uzibulale nabayisithupha
UVicki Gardner, oyisikhulu sakwaChamber of Commerce obekuxoxwa naye ngesikhathi kwenzeka lesi sigameko, ulimalile.
“Sidumele kakhulu ngokwenzekile kanti sithanda ukudlulisa amazwi enduduzo emndenini elahlekelwe.
“Sifisela noGardner ukwelulama okusheshayo. Sibuhlungu kakhulu, sicela nabezindaba bakuhloniphe ukuthi sizilile.”