Johannesburg - Umphakathi waseBhrithani uzothola ithuba eliyingqayizivele lokuba usize ekuthathweni kwesinqumo sobuso obuzobonakala emalini engu-20 pound, kusho iBank of England ngoLwesibili.
Leli bhange livamile ukuthi lishintshe ubuso obusemalini yamaphepha, kanti kwaba nokushayisana kwemibono ngo-2013 ngesikhathi kuthathwa isinqumo sokuba kufakwe ubuso bukaWinston Churchill kukhishwa obuka-Elizabeth Fry ku-5 pound.
Funda nalolu daba: Agwetshiwe amaphoyisa ahluleka ukuvikela isisulu
Umphathi webhange uMark Carney ngoLwesibili uthe ibhange lizomema umphakathi ukuba uphakamise amagama anoma yibaphi abantu abafuna ubuso babo bubonakale ku-20 pound.
– "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.