New Delhi - Intombazanyana eneminyaka eyisikhombisa ubudala itholakale ilenga esihlahleni eNdiya, kanti izakhamuzi zisola ukuthi idlwenguliwe ngaphambi kokuthi ibulawe.
Lesi yisigameko sakavuma kwezibonakala seziyinjwayelo kuleliya lizwe ezibandakanya izingane.
Izakhamuzi ebezivutha zingabaselwe zithe zifuna ukuziphindiselela ngemuva ngokuthola lesi sidumbu eWest Bengal, nokuphethe ngokuthi zititinye ngenduku amadoda amathathu ebeziwasola, kusho amaphoyisa.
“Ngisesibhedlela njengamanje ngifuna ukuzothola imiphumela yokuhlolwa kwesidumbu sale ngane," kusho uSub Inspector uShankar Das etshela izindaba ze-AFP ngocingo.
“Sishubile kakhulu isimo endaweni okwenzeke kuyona lesi sigameko," kusho uDes, nothi izakhamuzi zifuna abasolwa bakhungwe.
- “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho
- Landela IzindabaNews24 kuTwitter