Carlifonia - Indoda eneminyaka engu-36 ubudala yaseLake Elsinore, eCarlifonia ingeniswe esibhedlela ngemuva kokuba izame ukuthatha iSelfie nenyoka ebizwa nge-rattlesnake.
Kubikwa ukuthi le ndoda iqunge isibindi ngesikhathi izama ukuthatha iselfie nale nyoka kanti izovele iyilume.
Ngokusho kwabezindaba zeCBS uGomez ulunywe yinyoka ngoMsombuluko ezama ukuyithatha ukuze ezothatha isithombe-iSelfie nayo.
OLUNYE UDABA: 'Baphazamisekile abaningi abashutha amaSelfie'
Ngesikhathi uGomez ebona inyoka engaphezu kwemitha ubude esikhotheni esingasemzini wabazali bakhe okuCielito Drive wenze iphutha lokuyibukela phansi le nyoka ngokuzama ukuyiqubula ngaphandle kokucabanga ubungozi bayo.
Le ndoda ingeniswe esibhedlela kanti kungenzeka inqunywe isandla, kusho abezindaba.
UMama kaGomez uvele wayithukuthelela indodana yakhe ngobuwula bayo, kubika i-Inquisitr.
- “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho