Share

Unkosikazi uvume itulo lokubulawa komyeni

Jakarta –  Unkosikazi uzivumele ukuba wungqondongqondo ekubulaweni komyeni wakhe owatholwa esigangeni enqunywe uqhoqhoqho esiqhingini saseBali e-Indonesia ngokusho kwamaphoyisa. 

Kubikwa ukuthi uRobert Ellis oneminyaka engu-60 ubudala wabulawa ngenxa kankosikazi wakhe okuthiwa nguye owapheka itulo lokubulwa kwakhe. 

Ngokokusho kwamaphoyisa kusolakala ukuthi lo nkosikazi wayebheke izizumbulu zemali ngesikhathi ebulala umyeni wakhe.

Kuthiwa isidumbu sika-Ellis sitholwe ngamalungu omphakathi sesonakele ngoLwesibili sigoqwe ngoplasitiki nezingubo. 

OLUNYE UDABA: Uboshiwe othengele umyeni wakhe izinkabi

Kubikwa ukuthi unkosikazi uJulaikah Noor Ellis waya emaphoyiseni ukuyobika ukuthi umyeni wakhe udukile nokuthe ngemuva kwalokhu kwatholakala isidumbu somyeni.

Umbiko uveza ukuthi ngemuva kokutholwa kwesidumbu amaphoyisa abophe lo nkosikazi njengomsolwa oqavile.  

“Siqale ukwenza uphenyo ngokufa kuka-Ellis nokuthe uma sibuza abasondelene nalaba bashadikazi sathola ukuthi besekubheda emshadweni wabo nokuyilapho sisole khona isandla semfene,” kuchza umphenyi wecala uWisnu Wardana.

Uqhube wathi bamphenye ngemibuzo unkosikazi wagcina ezivumele ukuthi nguyena opheke itulo lokubulawa komyeni nakuba engambulalanga yena uqobo.

Kuthiwa u-Ellis ubulawe yisoka lesisebenzi sasendlini esibasebenzelayo. 


     - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho

        - Landela IzindabaNews24 kuTwitter

We live in a world where facts and fiction get blurred
Who we choose to trust can have a profound impact on our lives. Join thousands of devoted South Africans who look to News24 to bring them news they can trust every day. As we celebrate 25 years, become a News24 subscriber as we strive to keep you informed, inspired and empowered.
Join News24 today
heading
description
username
Show Comments ()
Voting Booth
How often do you go to the cinema to watch new movies?
Please select an option Oops! Something went wrong, please try again later.
Results
Often - nothing beats the big screen
2% - 23 votes
Hardly - I prefer streaming online
67% - 694 votes
Sometimes - it depends on the film release
31% - 321 votes
Vote
Rand - Dollar
19.15
-0.7%
Rand - Pound
23.83
-0.6%
Rand - Euro
20.39
-0.5%
Rand - Aus dollar
12.30
-0.5%
Rand - Yen
0.12
-0.6%
Platinum
950.70
-0.2%
Palladium
1,031.50
-0.3%
Gold
2,379.10
+0.8%
Silver
28.27
+0.2%
Brent Crude
87.29
-3.1%
Top 40
67,190
+0.4%
All Share
73,271
+0.4%
Resource 10
63,297
-0.1%
Industrial 25
98,419
+0.6%
Financial 15
15,480
+0.6%
All JSE data delayed by at least 15 minutes Iress logo
Editorial feedback and complaints

Contact the public editor with feedback for our journalists, complaints, queries or suggestions about articles on News24.

LEARN MORE