Jakarta – Balinganiselwa kwabangu-17 abafundi abashonile kwathi abahlanu balimala kanzima ngesikhathi iloli ebelithwele abafundi ligingqika ngoLwesine eNorth Sumatra e-Indonesia , kusho amaphoyisa.
Iloli liphaphalaze laphuma emgwaqeni lawela emgodini ongamamitha amathathu ukujula eCentral Tapanuli ngemuva kokuphunyelwa yisondo, kusho isikhulu samaphoyisa endawo, uTarigan, kwabeMetro TV.
Funda nalolu daba: Asagcinwe e-ICU amawele abelethwe yisalukazi
"Izisulu bekungabafundi besikole samabanga aphansi nesamabanga ephakeme,” kusho uTarigan.
Uthe umshayeli usindile kanti amaphoyisa ampheka ngemibuzo.
– "Like"
ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.