Stockholm – Uphume phambili owesilisa waseSweeden obebhekene necala
lokudlwengula ngemuva kokuba inkantolo ithole wagila lo mhlola esebuthongweni
okuyisifo esibizwa nge-sexsomnia.
Ngokombiko okhishwe yinkantolo lo mlisa
oneminyaka engu-26 ubudala wenza lo mkhuba engahlosile kodwa wayehlaselwe
yi-sexsomnia.
Kubikwa ukuthi lo mlisa uzithethelele ngokuthi wayesebuthongweni
ngesikhathi ‘edlwengula’ owesifazane futhi wayengazi nokuthi wanzani.
OLUNYE UDABA: Ubanjwe namaphenti obezama ukudlwengula
Ngaphambi
kokuthi inkantolo imkhiphe phambili lo mlisa kusize ukungenelela kukadokotela
osebenza kakhulu ngabantu abanenkinga yokulala njengoba udaba lwakhe
belingakholwakali.
Kubikwa ukuthi udokotela uvumile ukuthi lo mlisa nebala waye
hlaselwe yilesi sifo esichaza ukuthi umuntu angakwazi ukwenza ucansi
esebuthongweni.
Umbiko uqhuba uthi
kuphinde wangenelela nowayesinqandamathe
sakhe othule ubufakazi ukuthi nebala unayo le nkinga.
Kubikwa ukuthi lesi sifo asandile
kakhulu kodwa bakhona abantu ababhekana nezinkinga ezahlukene okubalwa ukuhamba
besebuthongweni nokunye abakwenza uma belele kodwa bengazi ukuthi bayakwenza.
- “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho