Ankara – Ushone esendleleni ebheke esibhedlela owesilisa
waseTurkey oneminyaka engu-36 ubudala ngemuva kwengozi yasemayini iSoma.
Kuthiwa
lo mlisa ubesebenza njengomvukuzi kule mayini ngesikhathi ehlelwa yilo mshophi
ngoLwesibili.
Le ngozi yenzeke ngemuva kwezinyanga ezine kwenzeke inhlekele
eyashaqisa abaningi kule mayini lapho kwashona abavukuzi abangu-301.
Kuthiwa le
ngozi yaba ngenkulu kunazozonke izingozi esezike zenzeka ezimayini ezweni
laseTurkey.
Ngokombiko womthombo wabezindaba kuleli lizwe i-Anadou ushaywe
uwelwe wuphahla lwampitshiza.
Kubikwa ukuthi kusaphenywa imbangela yale ngozi
njengoba ukusebenza kwale mayini kugcine kuvaliwe isikhashana.
- “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho