Jakarta -Owesilisa utholwe esaphila ngemuva kwezinsuku ezimbili embandakanyeke engozini yendiza enophephela emhlane esizibeni sase-Indonesia esifundazweni esinyakatho yaleli lizwe iSumatra, ngokubika kwemithombo yezindaba ngoLwesibili.
Lo mlisa utholwe yithimba labathungathi beNavy entanta kulesi siziba ngoLwesibili, ngokusho kokhulumela amaphoyisa uCaptain Sigit Darsono.
"Ngesikhathi simbuza ukuthi kwenzakaleni kuyena udalule ukuthi ube sengozini yendiza enophephela emhlane njengoba equleke esanda kuwa kule ndiza," uSigit esho.
OLUNYE UDABA: Likobandayo iphoyisa ebelizama ukulamula izithandani
Le yenkampani iPenerbangan Angkasa Semeta, inyamalale ngesonto.
Kubikwa ukuthi ibilibangisa esikhumulweni sezindiza Kuala Namu International edolobheni laseMedan.
Abantu abahlanu abebengaphakathi kule ndiza bebeyizisebenzi zale nkampani yale ndiza.
- “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho
- Landela IzindabaNews24 kuTwitter