Sendai – Isisebenzi sikahulumeni ebesiqamba amanga ngokuhambela imingcwabo sikhonjwe indlela ngemuva kokubanjwa ukuthi sihambele “umngcwabo” womuntu oyedwa kabili eJapan.
UShigenori Natori ibhantshi ligcwale umoya kuyena emsebenzingi wakhe wokunakekela amapaki kahulumela eSendai enyakatho yenmpumalanga yeJapan ngemuva kokuthi ethathe izinsuku ezingu-16 zekhefu lokushonelwa eminyakeni emihlanu ngemuva kokushonelwa yizihlobo ezingu-12 ngokwehlukana kule minyaka.
UNatori oneminyaka engu-60 ubudala wakokotela amaphepha esebenzisa amagama abantu ababesaphila kwesinye isikhathi abhale amagama abantu abangekho nhlobo, kusho isikhulu sikahulumeni.