Hong Kong – Owesilisa waseChina uzame ukuzibulala ngemuva kokuhlangana nozoba ngunkosikazi wakhe ngosuku lomshado wathola ukuthi mubi ngokusho kombiko.
Ngokubika kwe-GoldMyne.tv uKang Hu umangaze izimenywa emshadweni ngesikhathi exolisa kakhulu kulona wesifazane emtshela ukuthi mubi kakhulu ukuthi angashada naye.
UHung uthe lona wesifazane uNa Sung oneminyaka engu-30 ubudala mubi ngale ndlela yokuthi uzongcolisa isithunzi sakhe uma emshada.