Beijing – Sizibulele ngokuzilengisa isisebenzi saseChina ngemuva kokuxoshwa
emsebenzini ngezinsolo zokuthi besisolwa ngokukhwabanisa.
Ngokombiko lesi
sisebenzi sizibulale ngoLwesine ngemuva kokuba kuqale uphenyo ngalokhu kukhwabanisa.
Kubikwa ukuthi uLou Xuequan oneminyaka
engu-50 ubudala ubeyilungu eliqavile leCommunist Party edolobheni elingaphansi
komkhandlu iNanjing.
OLUNYE UDABA: Uzibulele othole izindaba ezibuhlungu ngentombi
Kuvela ukuthi uXuequan uxoshwe ngoJuni kulo nyaka ngemuva
kophenyo olwenziwe ngabaphenyi bakahulumeni wesifundazwe abathole ukuthi wavuma
isimemo sesidlo sakusihlwa esibizayo ngesikhathi evakashele ipaki ngokubika
komthombo wezindaba waseChina obizwa ngeXinhua.
“Izikhulu ziveze ukuthi zixoshe
uXuequan ngenhloso yokuhambisa umyalezo nakwezinye izisebenzi ezingawulandeli
umthetho obekwe yizikhulu,” kusho umbiko.
Kubikwa ukuthi eChina lezi zidlo
zakusihlwa zivamisa ukuhambisana nokuqhuba inkohlakalo njengoba kusuke labo
abadla izambane likapondo bezincengela kulabo abasebenzela uhulumeni ngenhloso
yokuthola impatho engcono uma kunehlelo oluqhutshwayo kuleli lizwe.
Kubikwa
ukuthi ziningi izigameko zokuzibulala kwabantu esezibikiwe kulezi zinyanga
ezedlule kanti iningi labazibulalayo yilabo abasuke besolwa ngenkohlakalo.
- “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho