Rome – UFata wase-Italy obesanda kuphumela obala ukuthi uthola ukwesatshiswa ngokubulawa ngenxa yokuba yisitabane utholakale efile nokusolakala ukuthi uzibulele.
Ngokusho kwamaphoyisa ase-Italy lo mfundisi lo mfundisi utholwe ngoLwesihlanu kanti kusolala ukuthi uzibulele.
Ekuqaleni kwaleli sonto uFata Franco Bucarini oneminuaka engu-73 ubudala uphumele obala ukuthi kunowesilisa omsabisayo ofuna amkhokhele imali ukuze akugcine kuyimfihlo ukuthi uyisitabane.
OLUNYE UDABA: Kumiswe umbhishobhi othanda ubukhazikhazi
Kubikwa ukuthi amaphoyisa awananazanga njengoba lo mlisa ekhalelwe ngamasongo kaSigonyela ngokusabisa uFata.
Amalungu ebandla kuthiwa athe ukuputshuka kwezindaba zokuthi uFata uyisitabane zimphathe kabi kakhulu kanti asola ukuthi yisona isizathu esiholele ekutheni agcine ngokuzibulala njengoba besekusabalele imibiko kwabezindaba.
Kubikwa ukuthi uBucarini usebenze emazweni ahlukene njengoFata kanti phakathi kwalawo awasebenzele kubalwa e-Ivory Coast naseFrance nakhona e-Italy lapho ebesesebandleni iPerugia.
- “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho