Paris - Isigebengu saseFrance senze izinhlelo zomngcwabo waso ukuze singaboshwa njengoba sibhekene nohide lwamacala.
Kuthiwa emngcwabeni kufike ugogo wakhe umsolwa kanye namaphoyisa.
Umlisa oneminyaka engu-26 ubudala, obefunwa ngohide lwamacala okukhwabanisa nokweba, ufake isaziso sokuthi ushonile ephephandabeni i-Ouest-France naku-internet.
"Umama, ubaba, abafowabo, udadewabo kanye nomndeni wonke
uthanda ukunazisa ukuthi akasekho emhlabeni uCedric L, oshone ngoLwesine,
Septhemba 11, eneminyaka engu-26 ubudala,” kusho isaziso.
Funda nalolu daba: Umunyu umshado uphenduka umngcwabo.
"Umngcwabo uzoba ngoLwesibili, Septhemba 16 ngo-10:30."
Kodwa amaphoyisa abonile ukuthi kukhona okushaya amanzi, afika
emngcwabeni ngesikhathi ebesibhaliwe kodwa afika kungekho mngcwabo – kukhona ugogo
wakhe kuphela obengazi lutho.
– "Like"
ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.