U-Oliver Ilic ungodabuka eMacedon ulaxazwe yintombi ngoba nakhu ithe akakwazi ukwenza umsebenzi ekamelweni.
Ube esezibizela yena i-ambulensi ngoba esopha into engapheli.
OLUNYE UDABA: Owesifazane ushumpule ubuntu bowayeyisoka
U-Ilic ube esetshela abosizo ukuthi ilobuntu bakhe obuncane obudale ukuba ahlukane nentombi yakhe.
"Abunamsebenzi yingakho ngiqoke ukubushumpula."
Uphuthunyiswe esibhedlela sasedolobheni laseKocani egcwele igazi ebhulukweni.
Amaphoyisa abe esethungatha ubuntu bakhe obusikwe nge-razor emgqonyeni.
- “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho