Indiana – Owesifazane owafaka izithombe zocansi lwezingane ukuze aqhathe umyeni wakhe kumele abhadle ejele kusukela ezinyangeni eziyisithupha kuya eminyakeni emibili, ngokusho kwemibiko.
Umbiko we-Indiana Gazette ubike ukuthi uMeri Jane oneminyaka engu-43 ubudala ugwetshiwe ngoMsombuluko kulandela ukuba iJaji lisichithile isicelo sommeli wakhe ukuthi kumele agwetshwe kancane futhi aqale isigwebo ngemuva kwamaholodi kaKhisimusi.
Kubikwa ukuthi uWoods wafaka lezi zithombe ezinezingane zenza ukungcola okuhambisana nocansi kwi-computer ukuze kuqhatheke umyeni wakhe owayefuna ukuhlukanisa naye.
UWoods wafaka izithombe ezingu-40 wabe esenikela emaphoyiseni ukuyowakhombisa lo mhlola athi wenziwa ngumyeni wakhe uMatthew Woods.
OLUNYE UDABA:Angase amiswe uthisha wezithombe zocansi
Kodwa ngemuva kophenyo lwamaphoyisa athola ukuthi lezi zithombe zafakwa kule computer ngemuva kwamasonto amabili uMatthew ephumile kulo muzi ngenxa yencwadi eyafakwa umkakhe yesivimbezelo.
Lona wesifazane wagcina ngokukhalelwa ngamasongo kaSigonyela ngokuqambela umthetho amanga.
Nakuba esebanjiwe ngalo mkhuba wakhe uyaphika ukuthi kukhona okuphambene omthetho akwenza njengoba ethi:
“Ngangifuna ukuvikela izingane zami.”
- “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho