Beijing - Owesifazane ushonile ngemuva kokubhajwa emastebhisini ahambayo enxanxatheleni yezitolo eChina, kepha wakwazi ukusindisa ingane yakhe yomfana eneminyaka emibili ubudala.
Lesi sehlakalo senzeke ngeSonto edolobheni iJingzhou saqoshwa ngamakhamera e-CCTV.
Lo wesifazane, 30, onguXiang Liujuan, kuthiwa ubesefikile phezulu ezitebhisini ngesikhathi indawo yokunyathela ivele ibhidlika, wase ekhalakathela kulo mshini uhamba.
I-video itshengisa ukuthi uXiang ukwazile ukuphusha indodana yakhe yanqakwa abantu abebeseduzane.
Bathe uma bezama ukumsiza lo wesifazane, wagwinywa yila mastebhisi.
Kuthiwa kudingeke ukuthi kuze kuhlakazwe amastebhisi ngesikhathi sekukhishwa isidumbu sikamufi.