Beijing – Uthisha owathola imvume yokuba nenye ingane ngakubo eChina, useyalelwe ukuba asihushule isisu ngoba imithetho yalapho esebenza khona ayihambisani neyangakubo.
Lolu daba lugqamisa ukuthi yehlukene kangakanani imithetho mayelana nokuhlelwa kwemindeni eChina.
Imithetho yaseChina ithi izithandani kumele zibe nengane eyodwa vo, kepha kwezinye izindawo sebeyaqala ukuvunyelwa abantu ukuthi babe nezingane ezimbili.
OLUNYE UDABA:Inqatshelwe ukuhushula isisu ingane eyadlwengulwa
Lo thisha, ogama lakhe nguQin Yi nomyeni wakhe uMeng Shaoping, bathola indodakazi emshadweni wokuqala, ngokomthetho abavumelekile ukuba nenye ingane yize sebephinde bashada.
UQin uyalelwe ukuthi ahushule isisu ingakapheli le nyanga kungenjalo uzoxoshwa emsebenzini.
UQin kuthiwa unezinyanga ezinhlanu ezithwele.