UMegan Huntsman, 39, uyalelwe uboshwe wase ededelwa ngebheyili ka-$6-million ngoMsombuluko ngezinsolo zokubulala izingane eziyisithupha ezazisanda kuzalwa, wabe esezifaka emabhokisini wazibeka egalaji lomuzi wakhe.
Amaphoyisa aseSalt Lake City endaweni yasePleasant Grove, e-Utah, athi uHuntsman uvumile ngesikhathi ebuzwa imibuzo ukuthi wayeziklinya noma azincishe umoya izingane uma eqeda ukuzibeletha, imikhuba yakhe wayiqala ngo-1996 kuya ku-2006.
Isidumbu sengane yesikhombisa eyazalwa ngaso lesi sikhathi sale migilingwane naso sitholakale egalaji, kodwa amaphoyisa athe akholelwa wukuthi ingane yazalwa isishonile.
Amaphoyisa athe kulindeleke ukuba ukuhlolwa kwezidumbu kuqinisekiswe ulibofuzo, kudalulwe indlela izingane ezabulawa ngayo kanye nembangela yokushona kwazo, ubulili kanye neminyaka yazo.
- “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho
- Landela IzindabaNews24 kuTwitter