Beijing – Owesifazane waseChina owagwetshwa isigwebo sentambo ngokubulala umyeni wakhe owayemhlukumeza, wehliselwe isigwebo ngeminyaka emibili ngoLwesihlanu.
Lokhu kusho ukuthi lo wesifazane usezodonsa udilikajele akwazi nokuthola ushwele.
Lokhu kwehliswa kwesigwebo kuhambisa nezinguquko ezitsha mayelana nezisulu ezilahlwa amacala okubulala ngoba zikade zihlukunyezwa.
OLUNYE UDABA: Uphile saka owabulala umyeni wakhe - Inkantolo
Ijaji uWan Miaoyan uthe inkantolo enkulu yaseSichuan, enkabeni yeChina, yiyo eyalele ukuba uLi Yan, 44, ehliselwe isigwebo.
UYan wagwetshwa esentambo ngo-2011, yize ubufakazi babukhona obutshengisa ukuthi umyeni wakhe wayemshaya aze amshiye umndondo.