Seoul - INkantolo eNkulu yaseSouth Korea ikhiphe isinqumo esithi akuselona icala ukuphinga, nobekwenza kube nzima ezinkampanini ezikhiqiza amakhondomu namaphilisi okuhlela.
Lo mthetho ka-1953 wawenzelwe ukuvikela abesifazane abaphila emphakathini obuswa amadoda lapho idivosi yayingavamile khona ngenxa yomthetho wokuboshwa kwabantu abashadile ababetholakala benamashende.
"Lo mthetho ubuphula amalungela abantu ekuthatheni izinqumo zocansi," kusho iJaji uSeo Ki-seo efunda umbono wamanye amajaji amahlanu.