Umbhikisho ulandele umhlangano obunokuxokozela ngoLwesine, nobuphakathi kwabasebenzi benkampani yamabhanoyi kanye nezihlobo esezilinde izinsuku ezicishe zifinyelele kwezingu-50 kungatholakali ngisho esisodwa isicucu sebhanoyi.
Umhlangano kuze kwadingeka uhlakazwe ngamaphoyisa.
Abantu abanuingi ababesebhanoyini kwakungesabantu baseChina, kanti iningi lezihlobo zabo selokho lalinda ehhotela laseBeijing lifuna imininingwane ngabo.
"Ngichithe ubusuku bonke ngaphandle kwehhovisi lenxusa, baningi abantu abasalinde ngaphandle namanje," kusho uWen Wancheng ofuna ulwazi ngendodana yakhe eyayisebhanoyini.
– "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.