Kathmandu - Owesilisa waseNepal ubekwe icala lokubulala uuntu wase eyamudla, ngokusho kwamaphoyisa asesifundeni iDang khona kuleliya lizwe.
Lo wesilisa, 38, okuthiwa igama lakhe nguRamesh BK ubekwe icala lokubulala owesifazane, 58, isidumbu sakhe esitholakale singenayo inhliziyo, isibindi namathumbu.
OLUNYE UDABA: Ubuyela enkantolo ‘owadla inhliziyo yomuntu’
"Simbophe ngemuva kokumthola ehlathini eliseSatbariya ngeSonto, lapho ebebhace khona ngemuva kokubulala lo wesifazane," kusho owamaphoyisa uRanjit Sigh Rathore etshelaizindaba ze-DPA.
"Izakhamuzi zithi umsolwa ubeba imfuyo yabo ukuze athole zibindi nezinhliziyo. Kuthiwa ugumba ngisho amathuna ukuze athole lezi zitho zomzimba."