Homs - Sesinyukele ku-30 isibalo sezingane ezishone kuqhuma amabhomu amabili esikoleni esimaphakathi nedolobha laseSyria, iHoms, kusho inhlangano yamalungelo abantu eSyria.
Bangu-9 abantu abadala abashonile kulokhu kuhlasela okwenzeke
endaweni yase-Akrama, okuyindawo okuhlala kuyona iningi lamalungu enkolo ye-Alawite,
okuyinkolo angaphansi kwayo uMengameli uBashar al-Assad, kusho inhlangano.
Funda nalolu daba: Kunzima kwabokufika ababekwe amacala eMelika.
"Kuqale kwaqhuma imoto ngasesikoleni esise-Akrama, ngesikhathi abantu nezingane beyobuka umonakalo, idelakufa laziqhumisa ngebhomu kwashona inqwaba yabantu,” kusho uRami Abdel Rahman, okuyinhloko yenhlangano yezamalungelo abantu ezinze eBrithani, etshela abe-dpa.
Uqhube wathi yinqwaba yabantu abalimele, okubalwa kubona
nezingane.
– "Like"
ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.