Lezi zinhlelo zizama ukugqugquzela abantu ukuba baqonde ngempilo ephilwa yizitabane, nokho kusamele kwenziwe okuthe xaxa ukucacisa ngempilo yabazishintsha ubulili, kusho isikhulu se-GLAAD, uSarah Kate Ellis, esitatimendeni.
OLUNYE UDABA: 'Zingathandana esithe izitabane'
Emcimnini wama-Emmy Award, umlingisi we-Orange Is the New Black, uLaverne Cox, waba ngumlingisi wokuqala ukuhlonishwa yize nowaphumela obala ngokuthi wazishintsha ubulili.
Lokhu kuza ngemuva kokuthi kube semthethweni ukushadana kwezitabane kanjalo nokuthi zamukelwe embuthweni wezokuvikela eMelika, kusho i-GLAAD.
- “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho