Mazar-i-Sharif – Idelakufa leTaliban ebelizibophe ngamabhomu liziphose phambi kwebhasi ebelithwele amasosha ase-Afghanistan ngoMsombuluko, kwashona amasosha amathathu, kusho izikhulu.
Isehlakalo senzeke esifundazweni saseBalkh njengoba leli qembu labashokobezi liqhubeka nokuhlasela kuleliya lizwe.
Funda nalolu daba: 'Ubaba ubulale izingane zakhe ezine'
UMnyango wezokuVikela uthe kushone amasosha amathathu kelesi sehlakalo, kwalimala angu-8.
Iqembu leTaliban ngokuhamba kwesikhathi lizwakalise ukuthi yilona elihlaselile.
– "Like"
ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.