Kabul – ITaliban idubule yabulala owesifazane ngokuphinga, kusho isikhulu sikahulumeni wase-Afghanistan ngoMsombuluko.
Owesifazanbe, odalulewe ngelikaZahra, okungaziwa kahle ukuthi ubeshadile yini nokuthi ubeneminyaka emingakanani ubudala, ubulawe ngoLwesihlanu.
Funda nalolu daba: Ingwe ilimaze abangu-6 esikoleni
"Udutshulwe wabulawa ngesikhathi ebaleka,” kusho u-Abdul Hai Khatibi, okhulumela uhulumeni wasesifundazweni saseGhore.
UKhatibi uthe sekuphele isikhathi esingangonyaka le ndawo ilawula iTaliban.
– "Like"
ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.