Eckwersheim – Isitimela ebesihlolwa ukuthi sisebenza kahle yini emzileni ophakathi kweParis neStrasbourg, siphume kujantshi kwashona abantu abayisikhombisa, kusho izikhulu.
Abanye abantu abangu-11 balimale kabi.
Bonke abantu abebegibele lesi sitimela basebenzela i-SNCF National Railways.
OLUNYE UDABA: Kulimale abantu isitimela siphuma kujantshi eGoli
Le ngozi kuthiwa idalwe yisivinini esiphezulu isitimela ebesihamba ngaso.
Izithombe zale nhlekelele zitshengise isitimela silele phansi ngohlangothi.
UNgqongqoshe wezeMvelo eFrance uSegolene Royal usendleleni ebheke endaweni yesigameko.