Share

Kushone abangu-8 kuqhuma ifemu kakhilikithi

New Delhi — Ukuqhuma okwenzeke efemini ebisebenza ngokungemthetho yakha ukhilikithi, kubulale abantu abangu-8 kwathi abanye abangu-20 balimala njengoba abenkolo yamaHindu bebegubha uDiwali, kusho amaphoyisa ngoLwesine.

Owamaphoyisa uthe abatakuli basuse izingcucu zaleli bhilidi elibhidlikile ngemuva kokuqhuma okwenzeke edolobheni elisesifundeni iBalasore, e-Orissa, ngoLwesine ekuseni.

Abantu abayisikhombisa abalimele baphuthunyiswe esibhedlela kwathi laba abanye bathola usizo lwezempilo base beyagodukiswa. Le ndawo okwenzeke kuyo isigameko iqhelelene ngamakhilomitha angu-195 neBhubaneshwar.

Umphathi waseBalasore, uPramod Kumar Das, uthe lokhu kuqhuma okukhulu kwenzeke ngoLwesine abasebenzi bematasa bekhiqiza ukhilikithi emzini obusetshenziswa njengefemu, ngokusho kombiko wePress Trust of India.

OLUNYE UDABA: Kuxwayiswa ngokhilikithi ngobusuku bukaNcibijane

Iziphathimandla ziyaphenya ngembangela yalokhu kuqhuma.

Ukuqhuma okuyingozi kuvamile emafemini aseNdiya asebenza ngokungekho emthethweni ngenxa yokuthi esikhathini esiningi abanikazi bayishaya indiva imibandela yezokuphepha.

Ukuqhumisa ukhilikithi kuyinto eyejwayelekile kuleliya lizwe njengoba kuyingxenye yemigubho kanye nemishado eNdiya.

NgoJuni, kwaba nokuqhuma kwenye ifemu yamakhilikithi kwashona abantu abangu-23 kwathi abayisikhombisa balimala eMadhya Pradesh, enkabeni yeNdiya.


We live in a world where facts and fiction get blurred
Who we choose to trust can have a profound impact on our lives. Join thousands of devoted South Africans who look to News24 to bring them news they can trust every day. As we celebrate 25 years, become a News24 subscriber as we strive to keep you informed, inspired and empowered.
Join News24 today
heading
description
username
Show Comments ()
Voting Booth
Now that e-tolls gantries have been switched off, will you be settling your outstanding debt?
Please select an option Oops! Something went wrong, please try again later.
Results
No way, they're not getting a cent from me
88% - 2165 votes
Yes, I guess it's the right thing to do
4% - 87 votes
Mmh, I'm watching legal cases and playing it by ear
9% - 215 votes
Vote
Rand - Dollar
19.02
-0.1%
Rand - Pound
23.73
-0.2%
Rand - Euro
20.31
-0.1%
Rand - Aus dollar
12.27
-0.3%
Rand - Yen
0.12
-0.1%
Platinum
956.00
+0.3%
Palladium
1,045.50
+1.0%
Gold
2,378.52
+0.7%
Silver
28.41
+0.7%
Brent Crude
87.29
-3.1%
Top 40
66,961
+0.1%
All Share
73,014
+0.0%
Resource 10
63,346
-0.1%
Industrial 25
97,956
+0.1%
Financial 15
15,384
0.0%
All JSE data delayed by at least 15 minutes Iress logo
Editorial feedback and complaints

Contact the public editor with feedback for our journalists, complaints, queries or suggestions about articles on News24.

LEARN MORE