Denver – Owesifazane, 37, uboshelwe izinsolo zokushayela edle amanzi amponjwana ngemuva kokushayisa abulale iziklabhu ezingu-38 eColorado, eMelika.
ULynn Ann Michel kuthiwa ubehamba ngeveni yakhe ngoLwesibili ebusuku emgwaqeni owubhuqu ngesikhathi eshayisa lezi zilwane.
OLUNYE UDABA: Liboshiwe iphoyisa elishayise umuntu, lidle amponjwana
Kuphinde kwalimala inqwaba yeziklabhu kulesi sigameko, kusho amaphoyisa.
Kuthiwa uMachel wenze lokhu wase eyabaleka endaweni yesigameko, wabanjiswa yi-number plate esale phansi.
UMichel uboshelwe ukushayela eqhuba imbuzi, ukubaleka endaweni yesigameko nokucekela phansi impahla.